Uthutshe ngomnyama ngenyawo obethembise indiza.

Uthutshe ngomnyama ngenyawo obethembise indiza.

Umculo wodumo ocula u Maskandi obehlele indumezulu yomcimbi ngempelaviki e Beria Park udanise abalandeli bakhe ngokuthutsha ngomnyama ngenyawo. Kuviki ezimbili ezidlulileyo umculi odume ngelika King Qedas (uQed’ umcimbi) wathembisa uzulu ukuthi mhla womcimbi wakhe uzenza isimanga sokuthi ekhuphule izinga lika Maskandi ngokuza ngendiza e Beria Park.

“sesivela e Kempton Park lapho esesibhadale indiza elophephela emhlane eyiyo ezothwala u Qedumcimbi mhla womcimbi wakhe ” kulandisa u MC Gwaza kumaviki ambalwa adlulileyo.

i Music Giya lokhe ingakasitholi isizatho sokungabuyi kwendiza elophephela emhlane e Beria Park, njalo imzamo yokuthola laba ababili ade behlela ngendiza ibe nzima.

Ngaphandle kokudaniswa yindiza abathandi bomculo bajabuliswe yikubona indlovukazi ka Maskandi u Buselaphi owayengomunye abanandisayo kumcimbi ka King Qedas.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *